Author Archives: Simanga Ntshangase

UMicho usola iBucs ngokucwasa abadlali bangaphandle

SPHAMANDLA GUMEDE UMQEQESHI weqembu lesizwe laseZambia uMilutin ‘Micho’ Sredojevic, usola i-Orlando Pirates ngakubize ngokungaphathi kahle abadlali basemazweni angaphandle.  UMicho, osule njengomqeqeshi wePirates ngo-Agasti 2019, uthe abadlali basemazweni angaphandle bakhishwa inyumbazane kuleli qembu laseSoweto.  “Eminyakeni emibili engiyihlale kwiPirates uJustin Shonga no-Augustine Mulenga bebeyizinsika zeqembu ngesikhathi silwela iligi. Kuningi okushintshile ngesikhathi sengihambile. Ungabagxeka abadlali ngo-99% kodwa u-1%Read More

Ufuna ukuqhakambisa ibala lakhe ongenele uMiss SA Teen

MINENHLE ZWANE Indoni yamanzi enguNandi Mnguni, oseziphendlele indlela eya kowamanqamu kowozime, owaziwa ngokuthi uMiss SA Teen, uthi ufisa ukuqhakambisa ibala lakhe njengoba akhula ontanga bakhe bemchukuluza ngalo. Le  ndoni edabuka eMtubatuba eneminyaka eyi-14 iqala ngqa ukungena kulo mncintiswano, iqhakambise ubumqoka bokuthola ithuba kowamanqamu. “Kusho lukhulu ukuthola leli thuba kimi ngoba ngizokwazi ukubonisa umhlaba wonke ubuhle bebalaRead More

Usolwa ngokuchema nosaziwayo uMthethwa

PHUMELELE NXUMALO USOLWE ngokukhetha iphela emasini uNgqongqoshe weMidlalo, ubuCiko naMasiko uMnuz Nathi Mthethwa ngokuphendula umbhalo womethuli wezinhlelo nosomabhizinisi uBonang Matheba kuTwitter. UMthethwa uhlangabezane nale mbibizane ngemuva kokuphendula umbhalo ofakwe nguuBonang ekhasini lakhe likaTwitter evumelana no@mpumz_n ofake umbhalo othi: “UNathi Mthethwa uyangicasula.” UBonang uphendule umbhalo kaMpumz ngokuthi: “Nami. Kakhulu futhi.” Kulandela lo mbhalo uMthethwa ube esenxenxaRead More

Ugcine exoshiwe uVukusic kuMazulu

SPHAMANDLA GUMEDE  AmaZulu FC agcine emkhombe indlela umqeqeshi obesenuka nyama nambana kubalandeli beqembu, uJozef Vukisic odabuka eSlovakia. Usuthu Olumabheshankone lunikeze lo mqeqeshi ikhefu elisiyipesheli ngoMashi nonyaka, kwaqokwa u-Ayanda ‘Cobra’ Dlamini njengebamba lo mqeqeshi. UDlamini usizwa uMoeneeb Josephs njemgephini likamqeqeshi. UVukusic ujoyine Usuthu ngoSepthemba wangonyaka odlule.  Amazulu akhiphe isitatimende kuTwitter ngoLwesine, eqinisekisa lezi zindaba zokugqabuka kwefindo lokusebenzisanaRead More

INingizimu Afrika izongena esigabeni sesibili kusasa

SIMANGALISO NTSHANGASE KUZOQALA kusasa phakathi kwamabili ukuxegiswa kwemithetho yokuvalwa kwezinye izinto ngokwesigaba sesibili kuleli, kulandela inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ayethulele isizwe izolo kusihlwa nokuyilapho acacise khona ngemithetho ezoxegiswa ngenhloso yokuzama ukufukula umnotho wakuleli oshayeke ngenxa yobhubhane lweCOVID-19. Yize iminingi imithetho ezoxegiswa ngelokuzama ukuvula nokufukula umnotho wezwe, kodwa uMnuz Ramaphosa ukubeke kwasobala ukuthi akumele kwenziwe izintoRead More

Sekushone abanye abangu-18 ngeCOVID-19 eWestern Cape

SIMANGALISO NTSHANGASE SESIPHINDE sanda futhi isibalo sababulawa igciwane leCOVID-19 esiFundazweni iWestern Cape, kulandela ukuphuma kwezibalo zayizolo ezikhombe ukuthi sekudlule abantu abayi-18 kulesi siFundazwe emahoreni angama-24 edlule. Lokhu kwenza isibalo sasebedlule emhlabeni ngalo mkhuhlane eWesterna Cape babe izi-3 392, okuyizindaba ezingezinhle neze. NgoMgqibelo uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt. Zweli Mkhize uthe izibalo zasebebulalwe ilolu bhubhane sezifike ezinkulungwaneni eziyishumi,Read More

UPirlo usengumqeqeshi omusha weJuventus

SIMANGALISO NTSHANGASE OWAYEYINJINI yezinkunzi zase-Italy, iJuventus u-Andre Pirlo usemenyezelwe njengomqeqeshi omusha waleli qembu elisanda kunqoba isicoco seSerie A, kodwa lehluleka lancama ukuqhubekela phambili emqhudelwaneni we-UEFA Champions League. UPirlo (41) owayeyibamba kuthule umoya enkabeni yenkundla kwiJuventus eminyakeni emihlanu edlule uzovala isikhala sikaMaurizio Sarri (61), okhonjwe indlela kuthangi kuleli qembu ngemuva kokukhishwa kabuhlungu iMachester City emidlalweni weLastRead More

ULakay uphenduke iqhawe iDowns inqoba

SIMANGALISO NTSHANGASE IZINGUQUKO zikaPitso Mosimane esiwombeni sesibili somdlalo weSemi-Final eNedbank Cup zize nezithelo ezinhle, njengoba abadlali bakhe abafake kamuva okunguKeletso Makgalwa noLyle Lakay kuyibona abaqinisekise ukuthi iDowns idlulela emidlalweni wamanqamu, emidlalweni enqobe kuwo ngo 3 – 2 ishaya iBidvest Wits e-Orlando Stadium, eSoweto izolo ebusuku. ISundowns yiyo evule ngegoli okube iphenathi evalelwe enethini nguRicardo NascimentoRead More

Ubukhosi bukaBhungane wesizwe samaHlubi

SIMANGALISO NTSHANGASE UBHUNGANE indodana kaNsele uyena wayephethe isizwe samaHlubi eminyakeni engaphezu kwama-200 edlule. WayeyiNkosi eyayigabe ngemithi okanye amakhambi ayelelekelela amanye Amakhosi ngokuwanikeza amandla angeziwe. Nakuba lungacaci kahle usuku nenyanga azalwa ngayo, kodwa kuvela ukuthi wazalwa ngonyaka ka-1760 wabe esekhothama ngo-1800. Wayephinde abe nesiphiwo esingandile sokukwazi ukunisa Izulu (Imvula). Ngokosiko kuvela ukuthi wayenamakhosikazi angama-300, okuyisona sizathuRead More

Sezihubela sakusha ngemidlalo yePSL

SIMANGALISO NTSHANGASE SESIBALA izinsuku ngaphambi kokuba kuqhubeke ushikishi lwemidlalo yePremier Soccer League (PSL), ebimiswe isikhathi esingangenyanga ezine ngenxa yokubheduka kokubhane lweCOVID-19. Imidlalo yePSL izovula ngeyandulela owamanqamu eNedbank Cup. NgoMgqibelo kuzovulwa ngomdlalo weSemi-Final yokuqala phakathi kweBaroka FC neBloemfontein Celtic e-Orlando Stadium ngo-2 ntambama, bese kulandela oweMamelodi Sundowns yona ezotholana phezulu neBidvest Wits ngo-7 kusihlwa enkundleni efanayo.Read More