Bazoxhaswa ngesamba sika-1.2 Billion wamarandiabalimi bakuleli

SIMANGALISO NTSHANGASE

UNgqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlabanokuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya, uNkk. ThokoDidiza usecacise kabanzi ngokuthi abalimi abasebancanenabasafufusa bangazifaka kanjani izicelo zoxhaso, oluzosizaekulekeleleni ekutheni bangabhekani nengwadla yokuphelakomkhiqizo wokudla kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo.

UNkk. Didiza usebeke imali yoxhaso elinganiselwa ku-1.2 billion wamarandi okuzoxhaswa ngawo abalimi bakuleli, okunamathuba amaningi okuthi baphazamiseke ngenxayomthelela wezinsuku ezingama-21 ze-lockdown edalweukubhebhetheka kwegciwane iCOVID-19.

Uveze lezi zindaba zalolu hlelo esithangamini sabezindabangoMsombuluko. Uthe lemali izohlukaniswa ngo-R4 million ozoyiswa kuhlelo lwe-Proactive Land Acquisition Strategy bese kuthi esala lapho inikelelwe ukusiza abalimi bakuleli ekukhiqizweni kokudla.

Abalimi abadinga lolu xhaso kumele kube ngabenza inzuzoephakathi kuka-R20 000 kuyaku-R1000 0000. Okunye futhiukuthi abalimi abangakwazi ukufaka izicelo kumele kubengabakuleli okanye asebebhaliswe njengezakhamuzi zakulelingokusemthethweni.

Omunye umbandela uthi abalimi kumele kube ngasebe kulelibhizinisi okungenani isikhathi esingangonyaka, futhi babe ngababhalise ngokusemthethweni ohlwini lwabalimi bakuleli noma kuliphi-ke uhla oluqondene nabalimi.

UNkk. Didiza uthe labo balimi abangakaze babhalise ndawokufanele bebe sebebhalisile uma sebefaka izicelo zaloluxhaso. Wabe esebalula ukuthi lolu sizo alulona isikweletukodwa luyisibonelelo nje onhloso yaso ukulekelelanokufukula abalimi bakuleli.

Ube esecacisa ukuthi le mali ayizukuya kubalimi nqo kodwaizokhokhwa ngohlelo lwama-voucher, abalimi abazokwaziukuthi baye ezitolo ezikhethekile bethenge lokhoabakudingayo nokuzobalekelela ekuqhubeni umkhiqizo.

Ukufaka izicelo kuvulwe namuhla mhlaka-8 Ephreli kuyozekuvalwe mhlaka-22 kuyo le nyanga. Izicelo ezizoqhamukasekwedlule lesi sikhathi azizukwemukelwa. Ama-forms okufaka izicelo ayatholakala emahhovisi oMnyango nakwi-website kahulumeni ethi: www.dalrrd.gov.za okanyengokuwacela kule email ethi: applications@dalrrd.gov.za.