SIMANGALISO NTSHANGASE
KUZOQALA kusasa phakathi kwamabili ukuxegiswa kwemithetho yokuvalwa kwezinye izinto ngokwesigaba sesibili kuleli, kulandela inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ayethulele isizwe izolo kusihlwa nokuyilapho acacise khona ngemithetho ezoxegiswa ngenhloso yokuzama ukufukula umnotho wakuleli oshayeke ngenxa yobhubhane lweCOVID-19.
Yize iminingi imithetho ezoxegiswa ngelokuzama ukuvula nokufukula umnotho wezwe, kodwa uMnuz Ramaphosa ukubeke kwasobala ukuthi akumele kwenziwe izinto budlabha, egcizelela nokuthi yonke imigomo yokuzivikela kusazomele iqhutshekwe nokulandelwa, ikakhulukazi njengoba leli gciwane kubikwa ukuthi lisazodlanga isikhathi eside.
“Inhlansi yethemba lokunqoba leli gciwane ikhona. Asiqhubeke nokulandela yonke imigomo yokuzivikela, sihlale siqaphile zikhathi zonke. Asiqhubekeni nokuhlala sibumbene ukuze sinqobe leli gciwane,” kusho uMnuz Ramaphosa.
Phakathi kweminye yemithetho ezoxegiswa kubalwa ukuvulwa kokuthengiswa kukatshwala nogwayi, okuyisimemezelo okubonakale sithakaselwa kakhulu ngabasebenzisa nabathengisa lemikhiqizo ikakhulukazi ugwayi obusuvalwe izinyanga ezinhlanu.
Eminye yemigomo nemithetho ezoxegiswa ngokusho kukaMnuz Ramaphosa ilena elandelayo:
- Amahhotela nezindawo zokulala kuzovulwa kusebenze ngendlela eyejwayelekile, nokho isibalo sezivakashi sizoqashwa kakhulu ukuze kungabhebhetheki igciwane.
- Izindawo zokudlela phecelezi ama-resturants azovulwa asebenze ngokujwayelekile, kodwa kuzomele avalwe phakathi kuka-10 kusihlwa kuyaku-4 ekuseni. Utshwala nabo sebungathengiswa ezindaweni zokudlela ezinezimvume zokusebenza.
- Amapaki, amabhishi nezindawo zezemvelo zizovulwa ukuba abantu beze ukuzozithokozisa kuzo.
- Usungakwazi ukuhambela kwesinye iziFundazwe kungakhathalekile ukuthi kungasizathu sini, kanti futhi sekuvumelekile ukuvakashela abangani, izihlobo namalungu omndeni.
- Izindawo zokuzivocavoca zizovulwa nokho kuzomele kuqikelelwe ukuthi yonke imigomo yokuphepha iyalandelwa.
Yize lemigomo nemithetho ixegisiwe kodwa uMnuz Ramaphosa ukugcizelele ukuthi kuyo yonke imibuthwano njengemingcwabo, amaSonto njalonjalo kuzomele isibalo sabantu singeqi ku-50.
Utshwala kuzotholakala ngoMsombuluko kuyakuLwesine phakathi kuka-9 ekuseni kuyaku-5 ntambama kuphela, nokuthengiswa kukagwayi kuzohambisana nemigomo ethile.
UMnuz Ramaphosa ugcizelele ukuthi abantu balandele yonke imigomo yezokuphepha zikhathi zonke okuwukugeza izandla ngokuphindiwe, ukufaka izimfonyo lapho usuka lapho ohlala khona kanjalo kugcinwe nomgomo wokuqhelelana.