Isitholwe negciwane leCOVID-19 injini yeBucs

SIMANGALISO NTSHANGASE

UMDLALI we-Olrando Pirates oyibamba kuthule umoya enkabeni yenkundla uBen Motshwari usetholwe nobhubhane lwesifo esidla lubo selokhu kuqale lo nyaka, iCoronavirus.

Esitatimendeni esikhishwe iPirates izolo sithe uMotshwari uqalwe umkhuhlane ngeviki eledlule, nokutthe ngemuva kokuhlolwa wathola enaso lesi sifo esiqoba sivula selokhu sibheduke eChina ngasekupheleni konyaka owedlule.

IBucs ithe uMotshwari nokho bezingezo izimpawu ezingakho ebezingamumatanisa naleli gciwane njengoba ebezivalele ekhaya sonke lesi sikhathi, kodwa-ke yakuveza ukuthi isizithintile izinhlaka zezempilo ezifanele ngalolu daba.

Ezimnyama ziphinde zaveza ukuthi  seziluleke lo mdlali ukuba azise odokotela ngabo bonke abantu ake athintana okanye asondelana nabo, ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi bayatholakala nabo bahlolwe ukuthi bona abanawo yini lo mkhuhlane.

“Kuzomele aze atholakale engenaso lesi sifo ukuze akhululeke. Ithimba labezempilo beqembu nazo zonke iziphathimandla zeqembu zikubeka phambili ukuphepha kwabadlali kulesi simo esibucayi kangaka,” kusho iPirates esitatimendeni.