Sekuyezwela kubanikazi bezindlu ezihlala abafundi ezingakhokhelwe

SIMANGALISO NTSHANGASE

ABANIKAZI bezindlu ezihlala abafundi bathi Sekuyezwela manje kubo ngenxa yokuvalwa kwezinye izinto ezweni okuholele ekutheni kuvalwe izikole namaNyuvesi, lokho osekubenze basokola kakhulu ngoba izindlu zabo azikhokheliwe kuze kube imanje. 

UMnuz Rickesh Maharaj weKwaZulu-Natal Student Housing Association (KZNSTHA) uthe njengoba uHulumeni enxuse ukuba kungabi bikho udlame uma kukhona abanezikhalo ngokuthile, unethemba lokuthi nabo bazobhekelelwa ngokuthi kube khona isivumelwano esenziwayo ngelokuthi nabo kube khona abakutholayo kulesi sikhathi sokuvalwa kwezwe, esisho ukulahlekelwa imali eningi kakhulu kubona.

UMnuz Maharaj uqhube wathi kunezindleko eziningi abanikazi bezindlu (landlords) abangasakwazi ukubhekana nazo njengoba ingekho nje imali engenayo kubona ngalesi sikhathi.

“Kunezindlu ezidinga ukulungiswa. Izindleko ezithile nazo azikhokheleki kahle, uMasipala nawo awunashwele kulokhu njengoba uyifuna injalo imali eqondene nawo. Izindleko zomshwayelense nazo zikhamise kanjalo azikhekheleki kahle,” kusho uMnuz Maharaj.

UMnuz Maximillian Lekgatle yena oneziqashi zabafundi abangama-90 uthe:

“Ziningi izindlu ezihlala abafundi okugcina kuphoqeleka ukuba zivalwe. Njengoba isimo sezwe sishube kanjena nje sizoshayeka kakhulu, kwazise ezindlini eziningi abafundi bahlala ngabaningi.”

Omunye umnikazi wezindlu waseMgungundlovu ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa yena uthe amanye amaNyuvesi asekubeke kwacaca ukuthi uma kungekho mfundi ezindlini ngeke akhokhe.

“AmaNyuvesi asicela kahle ukuba siwagcinele izimpahla zabafundi. Njengamanje kunzima nakakhulu-ke ngoba izikhiye zezindlu zingakubona abafundi.”

UMnuz Sfiso Zondi yena onezindlu zakhe ezingaphandle eziqashisayo uthe akukho okungakho angakwenza, kangangokuthi angeke akwazi nokuthatha izinyathelo zomthetho ngalolu daba.

“Abafundi ayikho nabo into abangayenza. Yize nginesivumelwan nabo sokuthi sikhokhelana kanjani, kodwa ngisho ukuthatha izinyathelo zomthetho kungesize ngalutho kulesi simo.”

UZondi uphethe ngokuthi selikhu kuqale lo nyaka usayithole kanye imali ye-rent evela kubafundi, lokho osekumlimaze kakhulu kwaphinde kwashaya kwezwela ebhizinisini lakhe.