Udokotela we-FIFA uxwayisa ngokujaha ukuqhubeka nemidlalo

SIMANGALISO NTSHANGASE

INHLOKO yodokotela benhlangano eyengamele ibhola emhlabeni i-Federation of International Football Association (FIFA), uDr Michael D’Hooghe usexwayise ngobungozi bokuphoqa ukuqhuba isizini ka-2019/20, waphinde waqhamuka nombono wokuthi okungenani kuqalwe amalungiselelo esizini elandelalayo.

UDr D’Hooghe uthe njengodokotela ukubona kuyingozi ukuzama ukuqhubeka nemidlalo kanobhutshuzwayo kumaligi ehlukahlukene emhlabeni, ekubeni ngakolunye uhlangothi kusazanya ukuliwa neCoronavirus engakanqotshwa kuze kube imanje.

Lo dokotela oyingxenye yekomidi le-FIFA utshele iBBC Sport ukuthi yena umbono wakhe ukuthi uma kungenzeka isale isiyekwa lesizini esikuyona, kunalokho kuqalwe amalungiselelo esizini elandelayo.

Ukhuluma kanjena nje amaligi ase-Europe abekelwe umnqamlajuqu kamhlaka-25 Meyi ukuba azise oHulumeni bawo ukuthi ayafuna yini ukuqhubeka nokuqedela imidlalo esasele okanye ihoxiswe bese kubhekanwa nezinhlelo zesizini elandelayo.

“Kungayingozi ukuqhubeka nemidlalo esimweni esinjena. Hhayi ingozi encane nje kodwa ingozi ezoba nomthelela omubi kakhulu. Kungafa abantu abaningi ngaleso sinyathelo okuyisona sizathu esingenza ngithi kufanele kuqashelwe ngaphambi kokuthatha noma isiphi isinqumo,” kusho uDr D’Hooghe.

“Ngikhuluma njengodokotela. Anginawo amandla okuthatha isinqumo ngoba angisuye umhleli wemidlalo kodwa okwamanje ngokolwazi lwezempilo enginalo, kungebe umqondo omuhle ukuqhubeka nemidlalo ngaphansi kwesimo esibucayi kanjena,” usho kanje.

UDr D’Hooghe odabuka eBelgium uqhube wathi kuzoba nzima kakhulu ukugcina umthetho wokuqhelelana uma imidlalo kanobhutshuzwayo iqhubeka, njengoba ekholwa ukuthi ngisho kuzanywa ukuqhamuka nemithetho eqinile kodwa eminye yayo akaboni izosebenza ebholeni.

“Ungakugwema kanjani ukuthintana,” kubuza yena engadinge mpendulo.

Khonamanjalo ngoLwesibili ngokwemibiko evela eFrance kuthiwe amaligi amakhulu akuleliya lizwe okuyi-Ligue 1 ne-Ligue 2 angeke esaqhutshekwa. 

Obekungakacaci-ke nokho ukuthi kuzokwenziwa kuphi phakathi kokuthi i-Ligue de Football Professional izokhetha ukuyihoxisa le sizini ithathwe njengazange ibe khona, okanye izothatha isinqumo esizovuna lowo olale ephezulu bese sigawula sidla olale emsileni welogi ngenkathi kumiswa imidlalo. Okwamanje akwaziwa mbhantshi kujiya inkosi impela.