SIMANGALISO NTSHANGASE
NJENGOBA iMamelodi Sundowns isezinhlelweni zokusayinisa unozinti omusha ukulungiselela isizini ezayo, sekuvele imibiko yokuthi unozinti wayo oweqiwa ijezi uReyaad Pieterse ufuna ukushiya kwiDowns azitholele elinye iqembu azodlala kulona.
Ngokwemibiko yabezindaba evele ngasekuqaleni kwaleli viki kubikwe ukuthi uPieterse (28) uzimisele ngokushiya kuMasandawana azitholele ikhaya elisha anethemba lokunethezeka kulo, athole ijezi osekunesikhathi eside limeqa.
“Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi akalitholi ithuba futhi-ke akusikho ukuthi unegqubu neSundowns, kodwa isinqumo asesithathile ukuthi ufuna ukuya lapho azokwazi ukuthola khona ithuba lokudlala. Kungaba ukuthi abolekiswe okanye athengiswe,” kusho uGary Cassisa weMede8 Sports ephethe izindaba zalo nozinti.
UPieterse selokhu efike kwiDowns ngo-2018 usadlale imidlalo eyisithupha kuphela, kwazise umiswe kabi onozinti ababili bokuqina kuleli qembu okunguDanile Onyango noKennedy Mweene.
Njengamanje iSundowns inonozinti abathathu ngoPieterse okwenza kubukeke kuzoba nzima nakakhulu ukuthi ngesizini ezayo izokwamukela uJody Februaty ozoyijoyina ngesizini ezayo ukuzoshubisa umbango wejezi ezintini zeqembu likaPisto “Jingles” Mosimane.
Akukaziwa-ke nokho ukuthi iSundowns izothatha siphi isinqumo phakathi kokuba idedele uPieterse ajoyine elinye iqembu, okanye izombolekisa noma izokwala naye emaqenjini amfunayo.