SPHAMANDLA GUMEDE
AmaZulu FC agcine emkhombe indlela umqeqeshi obesenuka nyama nambana kubalandeli beqembu, uJozef Vukisic odabuka eSlovakia.
Usuthu Olumabheshankone lunikeze lo mqeqeshi ikhefu elisiyipesheli ngoMashi nonyaka, kwaqokwa u-Ayanda ‘Cobra’ Dlamini njengebamba lo mqeqeshi. UDlamini usizwa uMoeneeb Josephs njemgephini likamqeqeshi.
UVukusic ujoyine Usuthu ngoSepthemba wangonyaka odlule.
Amazulu akhiphe isitatimende kuTwitter ngoLwesine, eqinisekisa lezi zindaba zokugqabuka kwefindo lokusebenzisana phakathi kwawo noVukusic.
“Ngemuva kwezingxoxo ezithathe isikhathi eside, iqembu selinqume ukukhomba indlela uJozef Vukusic. Iqembu lizoqhubeka nokweseka ibamba likamqeqeshi, u-Ayanda Dlamini. Sithanda ukubonga uVukusic ngemizamo yakhe, futhi simufisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe,” kubeka iMenenja yeqembu uLunga Sokhela.
Usuthu likubeke kwacaca ukuthi ngeke lusayikhuluma indaba yalo mqeqeshi, njengoba iqembu lisalwela ukusuka ngasemsileni we-Absa Premiership.
Khonamanjalo izinto ziphinde zawabhimbela AmaZulu, njengoba ekhale ngaphansi emdlalweni obungoLwesihlanu lapho eguqe khona ngo 2 – 1 kwiBidvest Wits.
Usuthu okuyilona olusayibambe emsileni ngamaphuzu angama-24 emdlalweni engama-26, luzotholana phezulu neBloemfontein Celtic namhlanje ngo-3:30 ntambama eLucas Moripe Stadium.
Lolu daba lushicilelwe okokuqala kuGibela Mag.