Umlando kaLucas Radebe

Rhooo! 

Babeyibiza kanje inkakha yeBafana Bafana neLeeds United yase-England, uLucas Radebe, uma eseshaya adume ngazo enkundleni kwelikanobhutshuzwayo.

ULucas Radebe uzalwe ngo-12 April ngo-1969 eDiepkloof, eSoweto. Uhlale khona waze waba neminyaka eyishumi nanhlanu wabe eseyohlala endaweni eyayibizwa ngeBophutatswana, ngenxa yodlame olwaludle lubi eSoweto. Wakhula eyinsizwa enothando lwebhola okwaholela ekutheni abaphathi beqembu iKaizer Chiefs bamsayinde njengonozinti weqembu. 

Ngo-1991 wehlelwa wumshophi wokudutshulwa emhlane esezitolo zaseSoweto. Nhlanhla leyo, akazange alimale kakhulu njengoba akwazi ukusheshe abuyele ekudlaleni ibhola. Akwaziwa ukuthi ngubani owamdubula, kodwa uRadebe usola ukuthi wadutshulwa ukuze avinjwe ekushintsheni iqembu lebhola ayelidlalela. 

URadebe waqala ukudlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana ngo-1992. Ngemuva kweminyaka emibili walifulathela elakuleli wayohlala e-England, lapho afike adlalela khona iLeeds United. URadebe wazakhela igama njengomdlali onohlonze ezweni lase-England. Ngaphansi komholi omusha weqembu uGeorge Graham, uRadebe wasebenza ngokuzikhandla, okwaholela ekwethiweni kwakhe ngabalandeli beLeeds elika “The Chief”.  Ngo-1998 waqokwa njengokapteni weLeeds. Kungawo futhi unyaka ka-1998 lapho abuyela khona eNingizimu Afrika ukuzohola iqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba.  

Ngaphansi kobuholi bakhe iLeeds yalala isine kwiPremiership ngesizini ka-1998/99, yabe isithathu ngesizini elandelayo. Ngo-2000 wathola ukulimala okunzima edolweni, okwenza wama iminyaka emibili ebholeni wabuyela ngo-2002 esezohola iqembu leNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba. Ngo-1998, uRadebe usebenze njengenxusa leSOS for Children’s Villages. Ngo-2000 uthole iNdondo yeFIFA Fair Play ngeqhaza lakhe alibambile ekulweni nokucwaswa ngokwebala ebholeni likanobhutshuzwayo nangomsebenzi awenze nabantwana.