Umlando WamaHlubi
AmaHlubi amaLala okanye abaMbo,bona badubuka enkabeni yezwekazi leAfrika kwiintaba zaseEmbu lapho kunelizwe elibizwa ukuthi iKenya manje. Umlando ngesizwe samaHlubi uthi kwakunesizwe esaqhamuka enhla nezwe ngeminyaka yo1300AD. Kwathi ngeminyaka yo1400 lesi sizwe sabe sesokhe kwiintaba zaseLubombo, duze nomfula iZambezi. Ngalesi sikhathi kwabakhona ukwehlukana phakathi kwesizwe samaLala, elinye iqembu labizwa ngokuthi abaMbo elinye iqembu labizwa ngokuthi amaMpembe. Leli qembu elibizwa abaMbo laphinda lehlukana langamaqembu amancane, iqembu ngalinye lanenhloko yalo eliphethe. Leli qembu elalaziwa ngokuthi amaMpembe lehlela nganeno oPhongolo kanye nelabaMbo laze layofika eduze nomfula uMzinyathi. Ngesikhathi efika kulendawo laliholwa iNgonyama uHadebe kaMthimkhulu wokuqala ngeminyaka yo1600. Kungalesi sikhathi lapho isizwe samaMpembe sifike sashintsha igama laso saziwa ngokuthi amaHlubi emuva kwesigameko esithile esenzeka nesabangela ukuthi kushintshwe leligama.
INgonyama uHadebe kwindlu yakhe enkulu uzele uDlomo waze kweyasekunene wazala uNgwane (hayi owesizwe samaNgwane), waze kwencane wazala uZulu (owehlukile kokaMalandela). UDlomo uyena olandele uyise njengeNkosi yesizwe samaHlubi yena wazala uMashiya (noma uZikode) yena ozala uNsele. UNsele uzele uBhungane nokunguyena owaqinisa isizwe samaHlubi wasidumisa nge khono lakhe lokunisa imvula. INgonyama uBhungane ukhunjulwa kakhulu nje ngeyona nkosi yayinobuhlakani futhi inekhono lokwenza izinto eziningi ezadala ukuthi isizwe samaHlubi sihlonipheke futhi sande, ngoba wamukela izibongo eziningi ngaphansi kombuso wakhe ezazifuna indawo yokuhlala kanye nokuphepha.
Esinye sezigameko ezenzeka ngesikhathi kusabusa uBhungane ukuthi kufike uGodongwayo (uDingiswayo) kaJobe wakwaMthethwa ngelesikhathi ebalekela umkhonto kayise emuva kokuthi kufunyenwe udaba lokuthi ubezama isu lokuvukela uyise ukuze azothatha isikhundla sokuphatha isizwe sakwaMthethwa. Uye wahlala uGodongwayo emaHlutshini kaBhungane, eselusa izinkomo futhi ezingela kanye namadodana kaBhungane aphambili uMthimkhulu kanye noMpangazitha. Kuthe ngoba ibona ubuhlakani nekhono likaGodongwayo iNgonyama uBhungane wabe esemenza enye yezinduna zakhe umfo kaJobe ngoba wayesevele esemdala.
Ngesikhathi sekebuyele kwelakubo kwaMthethwa uGodongwayo sekezibiza ngokuba uDingiswayo wayeya abuyele emaHlutshini lapho wayethole khona ukuphepha, into eyenza ukuthi nomunye wezihlobo zakhe uShaka abe nobudlelwane kanye noBhungane namadodana akhe uMthimkhulu noMpangazitha. Emuva kokukhothama kweNgonyama uBhungane, kwabakhona ukungevani phakathi kwamadodana akhe elwela ubukhosi. UMthimkhulu nekunguyena owayefanele ukuphatha wanqoba. UMpangazitha wathatha inxenye yamaHlubi wakha owakhe umuzi duzane kanye nomfowabo kepha emuva kwesikhathi wabuyela saphinde sahlangana isizwe phantsi kukaMthimkhulu.
Ngesikhathi iSilo uShaka esilwa kanye noZwide, uMatiwane yena ulwa kanye noMthimkhulu benoMpangazitha ebalwisela imfuyo yakhe awayeyifihle kuMthimkhulu ukuze ingadliwa uShaka owayeqoqa izizwe ngaphantsi kwakhe. UMatiwane wabulala uMthimkhulu ngo1818, wadla nezinkomo zakhe. UMpangazitha yena wahamba wayoshona ngaseLesotho, kodwa emuva kwesikhathi wabuya kanti uMatiwane akakakhohlwa wambulala naye. Isizwe samaHlubi sasala singenamuntu wokusiphatha ngoba amadodana kaMthimkhulu nakaMpangazitha ayesemancane. UMahwanqa nokunguyena oza emuva kukaMthimkhulu kwindlu enkulu, wasala ebambela ubuholi bomfo wabo. Kungalesi sikhathi kuphethe uMahwanqa lapho iSilo uShaka wacela elinye lamabutho amaHlubi ukuthi libe abaqaphi beNdlovukazi uNandi, igama laleli butho kwakuyi Ziyendane. Kubalulekile futhi ukuchaza ukuthi iSilo uShaka kasizange zihlasele isizwe samaHlubi ngenxa yokuthi sasinobudlelwane kanye neNgonyama uBhungane obaqala ngalesikhathi uDingiswayo wayeya ayobonga lapho wathola ukuphepha khona. Ekukhothameni kweLembe, iSilo saseMgungundlovu uDingane uyena owabeka isandla isizwe samaHlubi ngoba kwakuyiso sodwa isizwe esiseduze esasingekho ngaphantsi kombuso wakwaZulu. Kepha akazange aphumelele ngoba uMahwanqa wabaleka wayoma eUtrecht.
Kuthe sekufika isikhathi sokuthi kubuse indodana kaMthimkhulu endala uDlomo wesibili, uDingane wenqaba ukubuyisa imfuyo awayeyithathe kuMahwanqa ngesikhathi emhlasela. Wathatha ibutho elilodwa uDlomo wahamba nalo ukuya esigodlweni sikaDingane eyolanda imfuyo yakhe. Ngempela wayithola kepha uthe esendleleni kanti uDingane imise elinye ibutho lakhe ukuba libulale uDlomo. Saphinda sasala singenamholi isizwe samaHlubi, kwathi enye yamadodana kaMthimkhulu eza emuva kuka Dlomo uMthethwa kwanguyena okhethwayo ukuthi athathe isikhundla sikamfo wabo ngoba wabulawa engekazali uDlomo.
Uthe ekubuseni kwakhe uMthethwa washintsha igama wabizwa ngoLangalibalele. Uyena owahola amaHlubi wawasa eMtshezi ewasusa eMnambithi, waqoqa isizwe sikayise sahlangana sakhula. Kuthe sekuphethe iSilo uMpande sazama ukuhlasela uLangalibalele ngonyaka ka1849 kepha sangamthola. Ngesikhathi kubusa iSilo uCetshwayo amaNgisi ahlasela uLangalibalele amthola ayomvalela esiqithini iRobben Island ngonyaka ka1873. Waphuma ekuvalelweni ngonyaka ka1885. Wakhothama ngonyaka ka1889. Indodana yakhe uSiyephu yabusa ngo1889 ukuyosho ngo191, indodana yakhe uTatazela yabusa emuva kwakhe ngo 1910 ukuyosho ngo 1956. UTatazela wazala iNgonyama ebusa manje uLangalibalele wesibili osakhe khona emanxiweni oyise mkhulu eMtshezi. Isizwe samaHlubi sisakazeke lonke leli lase ningizimu Afrika kepha ikhaya elikhulu yilona leli eliseMthezi. Akhona amaHlubi aseMpuma Koloni abuswa amakhosi amaHlubi angaphaya kuka60 angabazukulu bakaMthimkhulu kanye noMpangazitha namanye amadodana kaBhungane. Akhona amaHlubi aseFree State nawase Noth West abuswa iNkosi uZibi. Akhona aseZimbabwe abuswa uDongo kaMthimkhulu. Njalo ngenyanga kaNcwala isizwe samaHlubi siyahlangana namakhosi aso kugujwe uMkhosi wokweShwama kuphinde kukhunjulwe namakhosi esizwe asakhothama.
Izibongo ezingaphantsi kwesizwe samaHlubi
1. Bhele *
2. Dakana*
3. Dladla
4. Dlamini
5. Dlomo
6. Dontsa
7. Gebane
8. Hlangebi
9. Jali*
10. Khambule*
11. Khasibe*
12. Khesa*
13. Khumalo*
14. Langa*
15. Lubelo
16. Ludwala
17. Mayaba
18. Miya
19. Makhunga
20. Maphetha
21. Mashiya
22. Masingila*
23. Mthethwa
24. Mazibuko*
25. Maduna
26 Mbambo
27. Mbongwe
28. Mkhwane
29. Mlambo
30. Mlandu
31. Mnguni*
32. Mntambo
33. Mpangela
34. Mpila*
35. Msi-Skhosana
36. Msimanga*
37. Mvemve
38. Nala-Nzima
39. Ndaba
40. Ndana
41. Ndlela*
42. Ndlovu
43. Ndumo
44. Nkala
45. Nkomo
46. Nkwali-Maphela
47. Ntlaphu*
48. Phakathi
49. Rhadebe have the following subclans:
(a) Hlanga
(b) Khabaludaka
(c) Maya
(d) Mdluli
(e) Mgemane
(f) Ndlazi
(g) Ntanzi
(h) Ntshali
(i) Rawule
(j) Reledwane
(k) Sondezi (Sotetsi in Lesotho)
50. Sithole*
51. Tshabalala*
52. Tshabangu*
53. Tolo*
54. Vundle*
55. Xaba *
56. Zengele
Lokhu akusho ukuthi bonke abantu bakulezi zibongo bangamaHlubi kepha kusho ukuthi ikhona inxenye yabo etholakala ngaphantsi kwesizwe samaHlubi kakhulu labo abahamba bayoshona eMpuma Koloni bangaphantsi kwamaHlubi. Njengoba laba abaphansi kwesizwe sikaZulu bengamaZulu
– Prince Hlubi
Lo mlando ucashunwe kwiNdabuko Yakho.