UMotsoaledi usabisa ngothathela uMnyango WezabaSebenzi izinyathelo zomthetho

SIMANGALISO NTSHANGASE

UNGQONGQOSHE WezoMnyango WezaSekhaya u-Aaron Motsoaledi uthi uzothatha izinyathelo zomthetho uma uMnyango WezabaSebenzi ungavumeli abahhovivi amabili aseGauteng ukuba avulwe asebenze.

Izolo uMotsoaledi utshele i-Portfolio Committee emahhovisi oMnyango WezaSekhaya ukuthi amahhovisi aseWestern Cape, Mpumalanga naseLimpopo avaliwe evalwa yi-Public Servants Association of South Africa (PSA).

I-PSA ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu lapho icacise khona ukuthi uMnyango WezaSekhaya awuzange uwulandele umthetho obekelwe ezokuphepha, wakucacisa nokuthi bonke abasebenzi bakhona kuvele kwathiwa ababuyele nje emsebenzini.

“Siyi PSA ngeke sibavumele abasebenzi ukuba babuyele emsebenzini uma bengeke bayilandele yonke imigomo yezokuphepha, ebekwe nguNgqongqoshe WezeMpilo njengokumele ilandelwe ukuze kugwenywe ukuthelelane ngegciwane leCOVID-19.”

Nokho uMotsoaledi yena uzwakalise ukungenami ngalokho lapho esethi:

“Angisemukeli neze isizathu zabo,” kusho uMotsoaledi ezeseka ngokuthi konke okushiwo i-PSA kuyizinsolo nje ezingamampunge.

Uqhube wathi ziyizi-5000 izimfonyo ezinikezelwe kubasebenzi ngoLwesithathu, washo nokusho ukuthi uma begqoka izimfonyo nama-gloves ezandleni akukho ngempela akubona kungaba isivimbelo esinqala sokuthi kume umsebenzi.