SIMANGALISO NTSHANGASE
IMIBIKO yakamuva imkhomba kwelinye lamaqembu aseGoli umgadli weBlack Leopards uMwape Musonda, yize esanenkontileka naleli qembu laseLimpopo.
Kusukela eshaye into ecokeme mining imibiko ebilokhu ivela imkhomba nenqwaba yamakilabhu amakhulu, kuwo okuvela iKaizer Cheifs ne-Orlando Pirates kanjalo nompetha bangesizini edlule, iMamelodi Sundowns.
Ngokwemibiko esanda kusabalala kwabezindaba kuvele ukuthi uMusonda (29) uzimisele ngokuphendula kwelinye lamaqembu ake aba umdlali walo, i-Orlando Pirates yize engazange alithole ithuba lokudlala kulo ngenkathi limhlola ngo-2015.
“UMusonda ungumgadli omuhle, hhayi omuhle ngaleyondlela kodwa izinga akulo ungelingabaze. Kungani ngisho kanjalo? Ingoba kwesinye isikhathi ushaya amagoli anzima nabalulekile kodwa ahlulwe izimbudlu zamathuba okushaya amagoli alula. Akanawo umgqigqo omuhle,” kusho uLuc Eymael oke wamqeqesha uMusonda kwiLeopards.
Uqhube wathi uMusonda ungumdlali osebenza kanzima nokwenza akholwe ukuthi angalunga kahle kwi-Olrando Pirates.
“Akasemncane ngeminyaka ngakho-ke sekuyisikhathi sokuthi enze imali eqenjini elikhulu ngoba kungekudala uzobe esephelelwe isikhathi,” kusho u-Eymael.
Uphethe ngelokuthi kuzoncika kumqeqeshi, uma umqeqeshi ezomenza azethembe angenza kahle kakhulu.