Zizoxhaswa ngoR800 Billion wamarandi izakhamuzi zakuleli ngenxa yeCOVID-19

SIMANGALISO NTSHANGASE

UMENGAMELI wakuleli uMnuz Cyril Ramaphose usethuleisigaba sesibili onhloso yaso ukulwa nobhubhane lwesifoiCoronavirus, edla lubi selokhu kuqale lo nyaka ngemuvakokubheduka eChina ngoDisemba wanyakenye.

UMnuz Ramaphosa enkulumweni yakhe ebilindelwengabombu ayethulele isizwe izolo umemezele isamba sika-R500 billion wamarandi onhloso yaso ukuzamaukuhlangabezana nezidingi zabantu bakuleli, abakhahlamezeke bathikamezeka kakhulu ngenxa yemigomonemithetho eqinile onhloso yayo ukuzama ukulwisananokubhebhetheka kwalo bhobhune.

Enkulumweni yakhe yayizolo uMnuz Ramaphosa ukucacisileukuthi kuseva kakhulu ukuthi zonke izinto sezingabuyelaesimweni esejwayelekile, njengoba lingakatholakali ikhambiokanye okungasetshenziwa njengendlela yokudambisanukubhebhetheka kwalo mkhuhlane weCOVID-19.

Uthe lolu xhaso luyisigaba sesibili sokulwa nalolu bhubhane. Phakathi kwezinhlelo azibalulile ubale ukumiswa kokuqoqwakwentela (taxi reliefz), ukukhishwa kwezimali ezizobhekelelaizimo eziyinhlekelele (release disaster relief fund), ukuthengaokuphuthumayo (emergency procurement), ukuvikelwakwamaholo nokulekelelwa kosomabhizinisi.

Selulonke uhlelo lwalolu xhaso olungu-R50 billion wamarandi olungama-10% enzuzo eyenziwa izwe lumi kanje:

• 20 billion wamarandi uzobhekelela ngqo ekulweni nalesisifo.
• 20 billion wamarandi uzonikezelwa koMasipala ukubabakwazi ukuhambisa amanzi, ukuhlanza izithuthingezivikeli zamagciwane (sanitizers), ukudla njalonjalo.
• 50 billion wamarandi uzoya kubo bonke labo abathebathikanyezwa ilolu bhubhane, okusho ukuthi, imaliyesibonlelo sabantwana izokwengezwa ngo-R300 ngenyanga ezayo, uMeyi. Bese kuthi kusuka ngo-Junikuya ku-Okthoba yengezwe ngo-R500.
• Bonke abathola izibonelelo zikahulumeni bona bazobazokwengezelwa ngo-R250 kulezi zinyangaeziyisithupha ezizayo.
• Labo abangasebenzi nabangatholi sibonelelo esivelakuhulumeni bona bazonikezwa uR350 ngenyanga kulezizinyanga eziyisithupha ezizayo. UMnyangowezaSekhaya uzokhipha iminingwane ngalokhu maduze.
• I-SASSA izokwethula uhlelo olusha oluhambisananobuchwepheshe, ukuletha ukudla kubantu ngama-vouchers nange-cash transfers, ukuzama ukulekelela laboabakudinga kakhulu ukudla nangokushesha.
• Laba abanesandla ekuphazamiseni uhlelo lokunikezelangamaphasela okudla kubantu bazobhekana nezinyatheloezinqala zomthetho.
• Kanti-ke u100 billion wamarandi wona uzobekwa eceleniukuvikela ukulahleka kwemisebenzi uphinde ulekeleleekwakhiweni kweminye imisebenzi.